Izindlela zokulondoloza ngokusebenzisa kanye nokwakhiwa komdabu okufana nezinhlangano zokungcwaba nama-stokvels.
Ukwakha imboni yezezimali ezincane esebenzayo eNingizimu Afrika.
Ukuxhasa ngezimali kokwakha amandla omthetho kuzinhlangano ezingabahlanganyeli kanye namaklayenti abo ukuze kuhanjiswe ukubamba iqhaza kwabo kumisebenzi yezomnotho ekhiqiza okuthile.
Ukujwayeza ukulondoloza kanye nokunikezwa kwemali engenayo kuko kokokubili izinhlangano kanye nama-Retail Finance Institutions (ama-RFI) njengendlela yokwenza banzi nokwenza nzulu ukufinyelela kuzinsiza zezezimali kwabaphofu kanye nokwenza ngcono isimo sabo sesezimali ukuze baphile kangcono.
Ukubajwayeza ukulondoloza akukho sifanekiso esikhethwayo, kodwa ukuqalisa kanye nezindlela ezehlukile ezesekwe olwazini ngempilo ziyagqugquzelwa.
Isikhwama Semali Ebolekwayo Yesikweletu Esincane: Lolu hlelo lunikeza imali ebolekiwe efinyelela kuma-R10 000 kumakhaya kanye nosomabhizinisi abayeme kuzinkampani ezincane ukuthi baphile.
Isikweletu esincane sebhizinisi elincane.
Isikhwama sokwehlisa izinga lobuphofu kumaklayenti amakhaya aneholo elingaphansi kwama-R1500. Inhlangano engumhlanganyeli izawusebenzisa ithuluzi lokuthagetha ukuhlola ubuphofu.
Ukwakha amandla ezomthetho: Ngaphansi kwalesi sikhwama sohlelo kunikezelwa ukuqinisa isikhungo nokuqinisekisa ukuxhaswa kwaso kwesikhathi eside.
Ukujwayeza ukulondoloza: Loku kusiza ukuthuthukisa nokugqugquzela ukwakhiwa kwezinhlangano zezezimali kanye nezinye izikhungo zokulondoloza zomdabu ezifana nezinhlangano zomngcwabo nama-stokvels ukuze nkuqokelelwe umcebo ozaliswayo ongowendawo.
I-Apex yenza umsebenzi wayo ngokusebenzisa izinhlangano ezibalwa ezingabahlanganyeli, ngakho-ke ukhetho lwabo lusemqoka kakhulu futhi luyaqhubeka. Ngaphansi kwale nqubo lunikeza amanani kuma-NGO amaningi azibhalisile, izikhungo zamabhizinisi zendawo, izikhungo ezivolontiyayo kanye nemiphakathi efanele esebenzisa izici ezijwayelekile.
Ekunikezeni inani kunhlangano, i-Apex ilandela imihlahlandlela ecacile engakwazi ukuhlukaniswa kumikhakha elandelayo inhlangano, umhleli, ukuphatha, ukubusa, izindaba zabasebenzi, indawo yokusebenza, imisebenzi yemikhakha, ukusebenza ngemfanelo okudlule, izinhlelo zokuphatha ulwazi, izinhlelo ze-zama-akhawunti.
